U-Avela Zulu ucela ukuxhaswa ngesound system ukuze ahlele imicimbi

U-AVELA Zulu (24) odabuka e-Eastern Cape, kodwa oseThekwini eNdwedwe ngokokuhlala, ungene endimeni yezomculo kamaskandi ngonyaka ka2015 ngestage name sikaGadizwe.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “ngiqale ukucula ngonyaka ka2015 kodwa amandla okuqopha icwecwe ngize ngaba nawo ngonyaka ka2017 lapho ngakhipha khona icwecwe elinesihloko esithi Banomona engazazisa ngalo kubantu abathanda umculo kamaskandi, sikhuluma nje nginama EP amabili engigadle kakhulu kuwona atholakalayo ku-Youtube engicela ukuthi umphakathi ungiseke kuwo nangokuwalalela”.

Eqhuba wengeze ngokuthi uyafisa abantu bazi ukuthi akagcini ngokucula kuphela kodwa uphinde abe ngumhleli wemicimbi njengoba eseke wahlela umcimbi isakhisizwe music show asewuhlele iminyaka emihlanu afisa ukuthola uxhaso lwesound system kuwona uma ewenza njengoba kuyiyona esuke ibiza kakhulu uma eyiqasha nakholelwayo ukuthi yonke into ingabalula uma engaba neyakhe.

“Endimeni yomculo angiyindawo ngingasho ukuthi abalandeli abalindele i-album entsha engizoyikhipha ngonyaka ozayo ngephasika” kuphetha uGadizwe.

Uma ufisa ukuzwa umculo kaGadizwe ungakwazi ukuwubuka kuYoutube kanti uma ufisa ukumxhasa ungaxhumana naye kulenombolo: 084 8309 724 noma ushiye umlayezo kulezinkundla zokuxhumana Facebook: King Gadizwe / Facebook page: Gadizwe S.A.