UDumezweni Zulu wase Showe ucela ukuxhaswa ngesound system ukuze azimakethe kahle kubantu

UDUMEZWENI Zulu (26) odabuka Eshowe endaweni yakwaKhoza kodwa otholakala eThekwini, eNanda ngokokuhlala ungene endimeni yomculo kamaskandi ngonyaka ka2018 odume ngegama lakhe elithi Dumezweni.

Ekhuluma neKZN Namuhla uthe: “ngingumuntu obekhonze ukuzihlekisela, ukubhala kanye nokuqamba izingoma yingakho kwaze kwahlangana umndeni bahlanganisa amasenti ngakwazi ukuya estudio ngiyoqopha. Ngakhipha i-album yokuqala ethi yadlala amambawu ngo October 2018 kwathi ngo-2021 ngakhipha EP ethi kwaMpumelelo.

Uthe ufisa abantu bakwazi ngaye ukuthi njengamanje uphansi phezulu nokuzama ukwenza izingoma okungenzeka ziphume ekuqaleni konyaka ozayo, uphethe ngokucela ukuxhaswa ngomshini womsindo womculo (sound system) ukuze ezokwazi ukuzimaketha kahle kubantu ezindaweni zomphakathi ngoba engakadumi kanti isifiso sakhe ukusabalala umhlaba wonke engahlali ethekwini njalo, kodwa ahambele izwe lonke njengegama lakhe.

Umculo kaDumezweni okwamanje utholakala kuye umakukhona ofisa ukuwuthola noma ofisa ukumsiza engaxhumana naye kulenombolo : 073 836 0153 ,Facebook: Dumezweni Zulu, Instagram; Dumezweni Zulu, email: nandisazulu@gmail.com.