UKhayelihle Nhlangulela ufisa ukusebenza nentsha engabathwebuli abazimele kwi movie azoyikhipha maduze

UKHAYELIHLE Nhlangulela (28) waseThekwini, eMlazi kodwa oseCape Town ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2006 lapho aqala khona ukubhala umculo we-Hip-hop, Ragae kanye nePop.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “sengike ngakhipha iMixtape enesihloko esithi Doperholics neqembu iGotcha Soul, i-album ezibwa ngethe Take Off ngithe sengizimele ngakhipha iMixtape ebizwa iHalo Effect enezingoma eziwu-40 kanti ngigcine ngecwecwe elibizwa iCloud Nine engisebenze kulo neqembu iDak5 Studios”

Eqhuba uthe akagcini ngokubhala umculo kuphela kodwa uphinde abhale izincwadi kanye nama movie useke wathola ngisho ithuba lokukhipha imovie ebizwa ngeTales of a Slick Seducer ekhuluma ngempilo yakhe efika emfundweni yamabanga aphakeme nendlela ayishintsha ngayo kodwa okwamanje unesifiso esikhulu sokuthi asebenze nabashuthi abasakhula abazimele ukuze bakhule kule movie ayibhalayo njengoba ekholelwa ekutheni liningi ithalente elisentsheni.

“Ngiyacela umphakathi ungeseke ngokuthi uthenge incwadi yami enesihloko esithi Initiation Into Manhood ebiza imali engango R150 nje kuphela,” kuphetha uKhayelihle. Kuwo wonke umuntu ofisa ukuzwa umculo kaKhayelihle angawuthola kwi inthanethi (www.reverbnation.com/automatemusic), uma ufisa ukuxhumana naye ungamushayela kule nombolo 084 465 8444.