Owenhlangano Thubelihle ECD and Foundation ubonga isitifiketi sokusebenza

ESITHOMBENI: Kwesokunxele umnu. N. Khumalo ephethe isitifiketi sakhe asihlomule kwa-agriculture

THOBILE MBATHA

UMnu. N Khumalo odume ngelikaMashobane waseMthwalume wenhlangano iThubelihle ECD and Foundation ubonga abakwa agriculture ngokumhlomulisa ngesitifikethi sokubamba iqhaza emphakathini uthi isandla sedlula ikhanda kuleMnyango.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi i-IKZN Namuhla uthe, “ngifisa ukubonga abakwa LANDCARE PROJECT CLOSE OUT AND HANDOVER CERTIFICATE kanye nabakwaAgriculture nokugqamisa amagalelo alaba abasisizile uNkk. Frorenc Khambule oyisakhamuzi sendawo. Kwabanye babo ngibala uMnu. Nsizwa Alson Khumalo, Thamony Naidoo waseMaritzburg, uNtokozo Zulu, uMnu. Mkhize eMzumbe agriculture advances.

USihlalo uMnu. Nsizwa wenhlangano Thubelihle ECD and Foundation NPC ophinde abenguSihlalo st Patric mission esinyameni ngaphansi kwenkosi yesizwe uXaba . kusukela ngonyaka ka-2018 siqala iProject bengivele ngisebenzisana nomama uNkambule. Bekunabasebenzi abawu-35 kwahlomula nabantu bendawo isikhathi esingangeminyaka emihlanu-5 yrs,” kusho uKhumalo.

Ukusebenza kanzima nokuzikhandla nomphakathi yinto esegazini kusukela ngonyaka ka-2007 sekuze kwaphumelela isifiso sami, kwa-Eskom kwafakwa eMzimkhulu ugesi waze wayofika ezizweni zamakhosi anganyelwe uMasipala uMzumbe ngaphansi ko-Ugu District. Esho

“Ngizodlulisa ukubonga kubo bonke ababambisene nathi kuleproject yamanzi eyahlomulisa imizi ewu-50 kanye nesikole engawafaka ngesikhathi se-Covid -19 kwahlomula abafundi abawu-300 endaweni yasesiNyameni kuSt Patric Mission , ngifisa abangathanda ukusixhasa kulomsebenzi wethu basithinte kulezinombolo: 067 952 1329” kuphetha uKhumalo.