Izindawo ezigcwele abantu bangaphandle zizoqashwa ngawokhozi ngamaholidi

Esithombeni: Kwesobunxele uNgqongqoshe waMaphoyisa uBheki Cele besekuba uNdunankulu wesiFundazwe uNomusa Dube-Ncube kwesokudla

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu. Bheki Cele, uthi izindawo ezinabantu bangaphandle abangenazo izincwadi izona ezigcwele ubugebengu, ngisho nangaphandle kwamaholidi kaKhisimusi.

UCele ubehola uphiko lwezomThetho eThekwini ngempelasonto ngemuva kokuboshwa kwenqwaba yabantu bangaphandle abangenazo izincwadi ebhilidini elikuMahat maGandhi (Point) Road njengengxenye yokwethulwa kweSafer Festive Season.

UCele uthe izindawo ezingama-Hotspot zizobe zigadwe ngamaphoyisa.

“Noma iyiphi indawo lapho sithola khona ukuthi kunabantu ababonakala bengakwazi ukulandeleka kuzoba nenkinga ngoba izona zindawo ezigcwele abantu abavela emazweni ehlukene  kodwa ke sinayo indlela yokulandelela abantu njengeNingizimu Africa futhi sizobathola uma benza ubugebengu”kusho uCele

UNgqongqoshe uphinde wanxusa amaphoyisa ukuthi avikele futhi asebenzele abantu baseNingizimu Afrika ngazo zonke izindlela ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi nangale kwalokho, wathi amaphoyisa azoba yingxenye yeSafer Festive Season azonxeshezelwa ngokulalela ikhwelo lokuthi angalitholi ikhefu ngoDisemba.

“Kuzoba nesinxephezelo esilinganayo kumalungu azobizwa ukuze atholakale ukuze abantu  bazizwe bephephile ngaso sonke isikhathi. Anginawo amandla okulwa nanoma iyiphi enye impi ngaphandle kokulwa nobugebengu nokulandela umthethosisekelo ukuze nginqande futhi ngiphenye ubugebengu ngokubambisana namaphoyisa agcina imithetho” usho kanje.

INyunyane yamaphoyisa iphikise inkulumo yaNgqongqoshe ukuthi amaphoyisa ngeke aphumule ngamalolidi kaKhisimusi iphinde yagcizelela ukuthi amaphoyisa njengazo zonke ezinye izisebenzi zikaHulumeni azojabulela amalungelo omsebenzi, okuhlanganisa nokuthatha ilivu ngesikhathi sikaZibandlela.