Kuboshwe abathathu eKZN ngokubhalela abantu izivivinyo zeLearner’s licence

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali, uMnu Sipho Hlomuka, ukwamukele ukuboshwa kwabantu abathathu okusolwa ukuthi bayathinteka ekukhwabaniseni amalayisensi okufunda ukushayela.Kulandela imiphumela yophenyo olwenziwe luveza ukuthi abafake izicelo zokubhala bebekhokha imali babhalelwe izivivinyo emagameni abo.

UMnyango uthi alinganiselwa ku-20 amaLearner’s license abafundi asehoxisiwe abekade ekhishwe ezikhungweni zokuhlola okubalwa kuzo iPinetown, Camperdown kanye naseHowick.

Okhulumela amaphoyisa uKwanele Ncalane uthe basebenzisana ngokukhulu ukubambisana bengamaphoyisa ngakho futhi banethemba lokuthi bakhona abanye abasazoboshwa uma lomkhuba uqhubeka.

“Ukuba khona kwalensambatheka eziteshini zethu zokuhlola ikona okuyimbangela kumbe kunomthelela ekungakwazini kokushayela kwabantu ngoba abantu bayenzelwa abanalo ulwazi olugcwele okugcina sekunyusa izinga lezingozi emgwaqeni esiFundazweni” kusho uNgqongqoshe.

Ephetha inkulumo yakhe unxuse bonke abasebenzisi bomgwaqo nabo bonke abahloli ezikhungweni zokuhlola esiFundazweni  ukuthi bahlukane nenkohlakalo mase baqinisekisa ukuthi yonke into abayenzayo bayenza ngokwencwadi.