ITheku lithembisa ngemisebenzi ezinkulungwaneni zabantu

THOBILE MBATHA

ITheku lithembisa ngemisebenzi ezinkulungwaneni zabantu abakhele uMasipala walo. Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelwe abezindaba sikuveze kwacaca ukuthi baphezu kwezihlelo zokuheha nokuhlela utshalomali luka luka-R200 billion nokudala amathuba emsebenzi angu-200.000 kuleminyaka emihlanu ezayo.

UMeya uMxolisi Kaunda ekhuluma nesinye isiteshi sezindaba uchaze kabanzi ngezinhlelo ezinganika idolobha umnotho odingekayo. Uthe izimemezelo zokuqala zokweluleka kwezomnotho i-HIS Markit zibeke izinga lokukhula kwe-GDP yeTheku ku-1.1% ngo-2023 lehla lisuka ku-1.6% ngo-2022.

Uthe  kodwa idolobha lilindele ukuthi lesisimemezelo siphindwe ngenxa yokuqhubeka kokucishwa kukagesi, ingcindezi yabathengi ngenxa yokwenyuka kwamandla emali kanye nokwenyuka kwezinga lenzalo kanye nomthelela wezinselelo zengqalasizinda.

Uthe umkhakha wezohwebo kulindeleke ukuthi uhlomule enxanxatheleni yezitolo i-Oceans Umhlanga Mall esanda kwethulwa. Lapho kugcinelwe khona abadayisi bakanokusho,abazovulelwa ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

“Lokhu kuzophinde kuqinise uMhlanga njengendawo esezingeni eliphezulu kwezohwebo futhi kube nomthelela omuhle ekwandeni kwamathuba emisebenzi esiFundeni nasedolobheni.” Kuchaza uKaunda.