UBhekani Mthembu odabuka eZingolweni esigodini sakaShali kodwa otholakala eDurban, eMlazi ngokukuhlala, ungene endimeni yezokusakaza ngonyaka ka2020 ngemumva kokuthola ithuba alibamba ngezandla zombili kwiSiyathuthuka FM ezinze endaweni yaseNdwedwe.
Ekhuluma nephephandaba iK Namuhla uthe “ kulendima ngimusha kodwa ayikangakho njengoba sengike ngathola ithuba lokusakaza kwi-Siyathuthuka FM njengamanje sengisakaza kwi-Intokozo FM (101.2FM), kanti sengike ngathola ngisho ukuhlonishwa ngonyaka ka2021 ngawina indondo yokuba iBest Radio Presenter kumaSocial Media Awards, ngase ngithola ukunominathwa kuma-MAMA ngonyaka ka2021, ngiphinde ngahlonishwa ngesitifiketi seChairman’s Award iCity Institute ngeqhaza engilibambayo ngokuvulela amaciko asafufusa iminyango ngokuthi ngisabalalise ama Link emisebenzi yawo ukuze abantu babazi aphinde awalandele”kusho uBhekani
Ephetha inkulumo yakhe uthe ufisa ukubonga umndeni wakhe, abangani bakhe kanye nabangani bakhe basezinkundleni zokuxhumana ngokumuvotela waze watholala indondo yeBest Radio Presenter kuma LIVE YOUR DREAM AWARDS 2022 nobe kungowokuqala ngqa ebakhona.
Uma ufisa ukulalela uBhekani ungamlalela kwi-Intokozo 101.2FM njalo ngoMgqibelo ngo 00:00 – 03:00 noma ngeSonto ngo01:00am – 04:00am Deep kanti ungamlandela nasezinkundleni zokuxhumana:
Facebook page: Dankie Mthembu,
Instagram: @dankie_mthembu,
Twitter: @Dankie_Ngoza,
TikTok: @dankie_mthembu.