Umphakathi wase Townview eMooi River ukhathazekile ngethangi elimosha izindlu

ESITHOMBE: ITHANGI LAMANZI ELIGCWALA LIZE LICHITHEKE

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Umphakathi waseTownviewe MooiRiver  uthi usuhlalele uvalweni ngenxa yethangi eligcina  amanzi eligcwala lize lichichime mase amanzi echithekela ezindlini zawo alimaze izimpahla ilunga lomphakathi elihlala maduzane nalelithangi eligcina amanzi aphakela umphakathi ku Ward 5 uthi ubolelwe izimpahla wagugelwa nayizindlu ngenxa yamanzi agcwala ezindlini esuka kulona lelithangi.

Amalunga omphakathi aveze nokuthi sekunabantu esebaze bathutha bayishiya lendawo ngenxa yalesisimo esiqhumisa izindonga okudala abantu bagcine sebezizwa zingaphephile izimpilo zabo. Ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa igama likhuluma nabezindaba lithe: “la ethangini amanzi ayagcwala aze achitheke mayechitheka aduma engathi amanzi aphuma empophomeni usuke usizibonela ukuthi shuthi ithangi seligcwele ngokweqile avele agcwale izindlu ngamawala kuqala laphoke ukonakala kwezimphahla ,izingubo , amakhabethe, okumangazayo ukuthi ezindlini amanzi asinawo kodwa kukhona amanzi axhaxhazayo okumele engabe anikwa abantu.”

Okhulumele uMasipala wesiFunda uMgungundlovu uBrain Zuma uthe: “njengoba kunenkinga yokugeleza kwamanzi inkinga yezobuchwesheshe uma ireservoir ikwazi ukuphampa uma isigcwele ayikwazi ukuzizwa ukuthi isigcwele ukuze izicishe kungenzeki umonakalo kodwa ngingaqinisekisa ukuthi bakhona ochwepheshe abazamayo ukuyilungisa lenkinga kanti futhi akusiyo inkinga yansukuzonke.”