USnethemba Zulu(29) odabuka kwaNongoma esigodini saseMvulazi kodwa otholakala eThekwni, eMlazi ngokukuhlala, ungene endimeni yokuhaya izinkondlo esafunda ibanga uGrade3 esahaya izinkondlo ayesuke ezibhalelwe uthisha wakhe.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe “ngingu sonkondlo, umxoxi wezinganekwane nezindaba,umbhali, ngiphinde ngibe umdlali weShashalazi oseke wawina ngisho imikomelo, nasoKhozini FM ngiyasebenza khona, njengoba kade ngenze umcimbi wokuhlanganisa amaciko ngomhlaka 26 Novemba 2022 ngifisa ukubonga kubo bonke abakwazile uthatha isikhathi sabo bayeka izindlela zabo bazongisingatha ngithi abakwenze kimi baphinde bakwenze nakwabanye ngiphinde ngibonge kuwowonke amaciko abenandisa okubalwa kuwo u Royalson , Thandi Mseleku, Sindiswa Zulu, Zanele Khoza, Mbali Malimela,Nompumelelo Ndlovu nabanye” kusho uSnethemba
Uphinde wathi uyafisa sengathi angathola uxhaso kosomabhizinisi asebephumelele ngoba isifiso sakhe esikhulu ukuthi lomcimbi akade ewenzile awenze minyaka yonke, ufisa ukuxhumana noSnethemba ungamuthinta kuwhat’sapp 061 061 8434 noma ezinkundleni zokuxhumana:
Facebook: SnethembaMaSthuli Zulu,
Instagram: @SnethembaSthuli
tiktok: @aMasthuli.