January 31, 2025
Umyalezo wokuphela konyaka ovela kuMhleli
Kuyintokozo ukuthi sekuze kwafika lesikhathi sokuphela konyaka ka2022 sisayibambile kulendima yabezindaba siyiphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla. Sibonge futhi ukuthi sesiqede iminyaka engu-24 yonke kwasungulwa leliphephandaba kusukela ngonyaka ka 1998 mhlazane zingu 15 September.
UMorgan Mammila uthi ufunde lukhulu kuDoctor Khumalo
Ukuqokwa kukaMammila njengoMqeqeshi weqembu leChippa United esuka ekubeni uMqondisi kwathusa abaningi njengoba ebene layisense yeCaf D kuphela, kodwa yena ukugxekwa akumethusanga njengoba ayesefunde lukhulu kwisilomo seKaizer Cheifs uDoctor Khumalo.
ITheku liqengqeleze phambili kowama SALGA
Ithimba laseThekwini lenze iDolobha laziqhenya ngokuphuma phambili kwi-SALGA-KZN DSAC Games ka-2022 ebibanjelwe esiFundeni saseMajuba eNewcastle muva nje. Iqembu laseThekwini lihlomule ngezindondo zegolide ezingu-52, zesiliva ezingu-45, nezingu-34 zethusi emidlalweni eyahlukene.
Iqembu i-Everlasting Joy lifisa ukuthola ozolilekelela likhangise umculo walo
UNomathemba Gumede (34) odabuka eChatsworth, eWelbedatch ungene endimeni yezomculo wokholo ngonyaka ka2019 njengomphathi weqembu elaziwa kakhulu nge-Everlasting joy.
UThobisile Magoso ucela uxhaso ukuze avule isikole seFashion Designer
UThobisile Magoso (36) odabuka eBulwer eMakhuzeni esigodini saseBazini ungene endimeni yokuba umsiki wengqephu ngonyaka ka2015 ngemumva kokuzibona enothando kanti futhi enekhono lokuthunga into eyisusa phansi aze ayiqede ngaphandle kokudinga usizo.
UShandukani Ratshimela ucela umphakathi uDownload umculo wakhe
UShandukani Ratshilumela(24)odabuka eLimpopo, eVhenda endaweni ebizwa ngeVuwani kodwa otholakala eThekwini edolobheni ngokokuhlala , ungene endimeni yezomculo weRnB ne Hip-Hop ngonyaka ka2017 ngemumva kokuthi agqugquzelwe umngani wakhe uNathinkosi Okafo.
UMancane Mkhize weGubhela Media wenze ezibukwayo ngenkathi ehlomulisa abafundi bakhe
UMsunguli weGubhela Media Film Makers aphinde abe umculi weGospel uMancane Mkhize wenze ezibukwayo ngenkathi ehlomulisa abafundi bakhe ngezitifiketi zokuphumelela njengoba kade ebacija ngamakhono ahlukahlukene. Lomcimbi ubuse Workshop emabhasini mhla ziwu-03 Disemba 2022 emini.
IKZN Namuhla ivale unyaka ngegiya eliphezulu
IKZN Namuhla ivale unyaka ka-2022 ngegiya eliphezulu, uNksz. Sheila Mhlongo ongumsunguli wephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla Community Newspaper kanye neJabuM Trading Communications & Projects aphinde ab euMhleli omkhulu. Ubenohlelo lokujabulisa abasebenzi bakhe kanye nomphakathi obuthanda ukuba yingxenye yenjabulo yokuphetha unyaka.
- 1
- 2