UNomathemba Gumede (34) odabuka eChatsworth, eWelbedatch ungene endimeni yezomculo wokholo ngonyaka ka2019 njengomphathi weqembu elaziwa kakhulu nge-Everlasting joy.
Ezikhulumela ngowakhe nephephandaba uthe “ngithanda ukubonga uNkulunkulu kuqala ngokuthi asigcine size sibe la inhloso yami yokuqala iqembu kwakuwukuthi ngigwema intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni bayeke nokuba uvanzi emgwaqeni ukuze babe isibonelo esihle kontanga kanye nasemphakathini wonkana, yize bekungelula kodwa kuyenzeka ngoba sihlangana njalo ngoMsombuluko, uLwesithathu noMgqibelo ukuze bangasitholi isikhathi sokwenza izinto ezingalungile. Okuhle ngaleliqembu ukuthi lakhiwe izingane ezihlala ezindaweni ezehlukene iMarianhill, eNgonyameni kanye nezakhona lapha eChatsworth ngakho wonke umuntu ofisa ukuba ingxenye yeqembu ngivule izandla wamukelekile” kusho uNomathemba.
I-Everlasting ikhiphe i-Album yayo yokuqala ngoJulayi kuwona lonyaka enesihloko esithi EHLISA UMOYA WAKHO enezingoma ezithi KUNEKHATHI EZINZIMA, EHLISA UMOYA WAKHO, NGIBOSHIWE ukubala ezimbalwa, iqembu lithe liyafisa ukuthola umuntu ozolilekelela ukuthi likhangise umculo walo ugcine usudlala ngisho emsakazweni ehamba phambili ukuze nabo bagcine sebethola nemali yokuqhubeka baqophe njengoba beyiqembu elizimele kanti bayafisa nomphakathi ubaseke ngokuthi ubaqashe ume wenze imicimbi bazonandisa.
Uma ufisa ukubona umsebenzi we-Everlasting ungakwazi ukuvakashela ikhasi labo lakuFacebook: Everlasting joy kanti uma ufisa ukuxhumana nabo mayelana nokubaxhasa noma ngokubaqasha ungashayela kule nombolo: 0785844608 noma ku what’sapp: 0685283298.

