THOBILE MBATHA
ITheku lethembisa izivakashi ukuphepha kanye nokuhlanzeka edolobheni lonke njengoba sesiqalile isikhathi samaholidi okuphela konyaka.UMkhandlu iTheku lithe usuzilindele izinkulungwane zezivakashi okubhekwe ukuba zitheleke kulelidolobha.
Ngokusho kukaMasipala ekhasini labo ezinkundleni zokuxhumana ufacebook ithimba likufakazisile lokhu ngokuveza ukuthi,”Inkaba yeTheku ku-Anton Lembede isuke iyinhle futhi ihlanzeke kakhulu ekuseni ngoba amathimba ethu ayayikhuculula ebusuku. Nokho-ke abanye bethu bathi bafika nje edolobheni babe bengcolisa. UMasipala uyaninxusa ukuba nigcine idolobha lihlanzekile ngokulahla udoti emgqomeni, hhayi emgwaqeni, hhayi kumapavement, singawukhiphi nangefasitela uma sisemotweni.”echaza
Kubalandeli bekhasi likaMasipala babe sebeveza imibono yabo bafakaza kanje: uMabhoyi Thembelihle Leehle uthe. ”I can attest to this everytime when I’m working night shift avekuba clean ngize ngithuke nami, kodwa meke kwashaya u-05:30 ekuseni bethi beqala befika abantu, nokungcola kuyaqala so we cannot always blame the Municipality, ithina esihlulwa ukuphatha kahle iTheku” Kwase kuvala u Nondumisoh Nonduh Njomane “Ayi iTheku liyakhucululwa ngempela ngingufakazi bayasebenza abantwana” esho.