Sizoholwa kuze kube u-2024 isibonelelo sika-R350

ESITHOMBENI: UNgqongqoshe wezeziMali, uMnu. Enoch Godongwana isithombe sigciniwe

THOBILE MBATHA

Injabulo ibuzwa kwabahola isibonelelo sabangasebenzi sika-R350 emva kokuthi uNgqongqoshe wezimali, uMnu uEnoch Godongwana umemezele ukuthi sizoholwa kuze kube uMashi 31 ka-2024.

UNksz. Tlou Seopa, wenhlangano ekhankasela kube nesibonelelo esingunaphakade sabangasebenzi, u-Amanda Mobi uthe bayakwamukela ukululwa kwesibonelelo kodwa abeneme ngokuthi asikaphumi isinqumo sokusenza sibe ngunaphakade

“Sijabulile ukuthi isibonelelo sabangasebenzi siluliwe kodwa sifuna kube nesisombululo sokusenza siholwe ingunaphakade. Sifisa iNingizimu Afrika ibe nesibonelelo esisiza abangasebenzi esizoqala ku-R1 335 kuya phezulu. Kufanele kulungiswe nezinkinga zokuthi abantu bangasithola isibonelelo sika-R350 ngoba kuthiwa bahola i-UIF neminye imihlomulo ebakhipha ngaphandle.” Kusho uNksz Seopa.

uGodongwana uthe ukuze isibonelelo sabangasebenzi futhi kuyofuneka uhulumeni anciphise imali ayisebenzisa ezintweni ezithile noma kube khona lapho ezoyithola khona, uthe izingxoxo zokubheka ukuthi izibonelelo zabangasebenzi ziyaqhubeka eNingizimu Afrika.