UMsunguli weGubhela Media Film Makers aphinde abe umculi weGospel uMancane Mkhize wenze ezibukwayo ngenkathi ehlomulisa abafundi bakhe ngezitifiketi zokuphumelela njengoba kade ebacija ngamakhono ahlukahlukene. Lomcimbi ubuse Workshop emabhasini mhla ziwu-03 Disemba 2022 emini..
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe, “ngiqale ngonyaka ka-2007 ukucija abathanda ukuqeqeshwa kwa-Film Making, Script writing, Acting classes kanye nezomculo yikho namuhla ngithathe isinqumo sokubahlomulisa ngezitifiketi ukuze abantu kanye nomphakathi babone ukuthi kuyasetshezwa akudlalwa.
Ngizoqala ngokukhuthaza intsha ukuthi nomangabe ukhule kanzima kodwa isimo sempilo yakho sisengashitsha, uma unothando lokwenza ezikaqedisizungu nokunye okuningi ukuthi ungakwazi ukuqhuba amakhono akho kwaGUBHELA MEDIA. Sengenze amaShort Film awu-3: IFALAMI, UKUBE NGANGAZI kanye NONTETHELELO namaseries awu-2 athi,IMFIHLO kanye nethi ISTHEMBU.”
Eqhuba uthe, noma ubani ofisa ukuqala afunde ngamanani aphansi angaxhumana nabo ukuze likhuphuke ikhono lakhe, ngoba abantu abasha banamakhono amaningi ikakhulukazi kwa-Art kanye ne-Entertainment kodwa umhlahlandlela wokuthola ulwazi eduze olungekho.Udlulise ukubonga kubona bonke abamxhasile, esibala kubo umculi kaMaskandi uBahubhe, INjongo Multi Funeral Service,iKZN Namuhla Community Newspaper, Gubhela Media team nawo wonke amaCiko abekhona.
Onesifiso sokuqeqeshwa angaxhumana noMancane Mkhize kulenombolo: 062 423 6493, email: gubhelamedia01@gmail.com noma kufacebook: Gubhela Media Film Maker.