UShandukani Ratshimela ucela umphakathi uDownload umculo wakhe

UShandukani Ratshilumela(24)odabuka eLimpopo, eVhenda endaweni ebizwa ngeVuwani kodwa otholakala eThekwini edolobheni ngokokuhlala , ungene endimeni yezomculo weRnB ne Hip-Hop ngonyaka ka2017  ngemumva kokuthi agqugquzelwe umngani wakhe uNathinkosi Okafo.

“ Kulendima ngisafika ngihlangabezane nenkinga yokuthi bengingasitholi istudio esizongikhiphela ngendlela engiyifunayo nengiyithandayo umculo wami kuze kube ngihlangana noDJ SCOTURN esisebenzisana kahle naye nokunguye owangiprojusela umculo wami esengike ngawukhipha okubalwa kuwo lezizingoma NGIYAZIFELA NGAWE, I DIDN’T KNOW, BHARI KIMANG, ON MY THRONE kanye neSEED TO A FLOWER engisebenze noWango Nation kuzona, kanti sengike ngashiyelana inkundla noMusiholiq, Tipcee, Pro tee, Professor, Felix Hlophe, Character, Nomfundo Moh nabanye” kusho uShandukani.

UShandukani uthi ubengakakwazi ukufaka umculo wakhe ezitolo njengoba eyiciko elizimele bekufanele aqale abe ilunga eligcwele lakaSAMRO athole ne-ISRC CODE yakwa RISA ngaphambi kokufaka umculo wakhe ezitolo eziwudayisayo kodwa ekhuluma nephephandaba lomphakathi uthe wonke amaphepha abewalindile uzowathola maduzane uyacela uma esekhiphe izingoma zakhe abantu bameseke ngokuthi bazidownload ukuze athole imali yokuqhubeka aqophe.

Uma ufisa ukuxhumana noMoney Mike ungamuthola kulenombolo: 068 188 5831 kuWhat’s app noma umushayele ucingo:068 179 9919