UMthandeni Phoswa ufisa ukubonga bonke abamuvotelile

UMthandeni phoswa waseRichmond esigodini sakwagengeshe ongumculi wokholo ubeke indawo yangakuwo ezingeni ehlomula ngendondo kwi-mpumalanga gospel music awards 2022 lapho ekade eqokelwe khona indondo yebest national male artists.

ekhuluma nephephandaba lomphakathi ikzn namuhla uthe “bekungekho lula kulendlela njengoba kade ngingenayo imali eyanele ukuba ngingene studio kangangokuba bese ngifisa ngisho ukubhalela abaculi abadumile abafana nodumi mkostad, kholeka dubula nobaba sipho ngwenya kanye nothina zungu ukuzengithole okusamadlala kanti ngomusa kankulunkulu ngizothi ngisemsebenzini lapho ngangibambe khona ngaleso sikhathi ngazwiwa umama umpume msomi ngicula ezopaka imoto wabe esengiyala ukuthi ngingabhaleli muntu kodwa izingoma ziculwe imina ngoba iyonanto ezobeka isinkwa etafuleni, ngemumva kokumxoxela inkinga wangiyalela ukuba ngithole istudio lapho ngizoqopha khona yena uzokhokha zonke izindleko zokuqopha”

“ ngonyaka ka2018 ilaphoke ngikhiphe album yakuqala enesihloko esithi: lelizwi lisaphila ngasengithola indondo yebest national itende kwi-mpumalanga gospel music awards 2018 ngemumva kokuqoqwa ngengoma ethi ngomusa kankulunkulu, ngonyaka owedlule ngikhiphe ingoma ethi uzungangilahli jesu ngaphinde ngaqokwa khona kwi-mpumalanga gospel music awards ngaphansi kwebest national male artist ngomusa nokuvotelwa abantu abathanda umculo wami ngaphinde ngabuya nayo indondo” kuchaza umthandeni.

ephetha inkulumo yakhe uthe ufisa ukubonga kubo bonke abamuvotelile, umndeni wakhe wakwaphoswa nakwashenge ,iRichmond okuyidolobha langakubo,unkosikazi wakhe kanye nabahlali bonke basesouth afrika, uma ufisa ukuzwa umculo wakhe uyatholakala ezinkundleni ezidayisa umculo.