UNkululeko Shangase ucela umphakathi umeseke ngokuthenga umculo wakhe

UNkululeko Chamane (36) odabuka eNdwedwe kodwa otholakala eRichard’sBay esigodini saseMadengeni ngokokuhlala odume ngelika Nkululeko Shangase kwezomculo ungene endimeni yezomculo wokholo ngonyaka ka2010 lapho athola khona ithuba lokusebenza noBabo Ngcobo.

kusuka kunyaka ka2010 kuya ku2012 ucule ngaphansi kwamaqembu aziwa ngokuthi i-Real Glory kanye ne-mens of god, ngawo lonyaka wabe esephuma njengeciko elizimele kwathi ngonyaka ka2013 wakhipha icwecwe lakhe lokuqala elithi: EGIBHITHE nokuyilo azakhela ngalo udumo kubantu, ngonyaka ka2015 wakhipha icwecwe lesibili elithi: NGOKWENHLIZIYO KAJESU ayesebenze kulo nothulani mkhize. ngo-2017 ngokusebenza ngokubambisana nothulani mkhize kanye nobabo ngcobo ukhiphe icwecwe eladla umhlanganisa kuma-awards amaningi ahlukene elinesihloko esithi: NJENGOBA SICULA.

“ngonyaka ka-2019 ngakhipha icwecwe lami lesine elalithi: UJEHOVA AKAKUYEKELELI eladlalwa kakhulu emsakazweni eyehlukene yakuleli ngathatha ngalo ne-award ye-best song of the year kwi-umabo awards. ngonyaka ka-2022 ngo-february ngikhiphe icwecwe lami lesihlanu elishisa izikhotha elithi: LESO SIMO elidlalwa kakhulu emsakazweni eyehlukene yakuleli kanti selinawo umusic video walo otholakayo ezinkundleni zokuxhumana njengo-youtube.”

“ngiyacela ukuthi umphakathi ungeseke ngokuthi uthenge lelicwecwe ngoba seliyatholakala kuzona zonke izitolo zomculo njengo jet music, dakota music nezinye kanti uyakwazi ukuyi-downloada nakwi inthanethi” kuchaza unkululeko.

Uma ufisa ukuxhumana naleliciko ngoba ufuna ukulishala ungashayela kule nombolo:066 466 2395/ 083 534 0098