USibusiso Mgabhi odabuka eNanda ungelinye lamalungu asungule inhlangano ebizwa nge: The Musicbox Society ezinze khona endaweni yasenanda, lenhlangano isungulwe ngonyaka ka2021 ngenyanga ka-agasti ngokuhlanganyela kwamaqembu amathathu omculo odlalwa bukhoma i-holy fire okungeyakhona eNanda, isandiso okungesase Waterloo kanye Netidos okungeyase Lamontville.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi usiboniso uthi “ inhlosongqangi yokuvulwa kwalenhlangano kwakungukugqugquzela ubumbano, ukwesekana nokusebenzisana kwalamaqembu amathathu esengikhulume ngawo ngenjongo yokugcinwa kwamagugu namasiko kwezomculo nobuciko ngokwehlukana kwabo njenge miphakathi ziningi izinselelo esibhekana nazo ezenza kucace ukuthi njengentsha kumele sihlangane sihlanganise imiqondo ukuze kube khona izinto ezithize ezizosilekelela njengomphakathi ukuthi kube nenqubekela phambili ezimpilweni”
Njenge the musicbox society sizibophezele ekunqandeni intsha ukuthi ingabi uvanzi ngoba lokho kungagcina kuholele ekutheni ingene ezidakamizweni ungcine isiba uhlupho emphakathini ngakho sike sithathe sonke isikhathi esisitholayo sibafundise ukudlala ama instruments, ukusina, ukubhala nokuhaya izinkondlo, ukudlala ichess, ibhola, inhlonipho nokuziphatha okulindelekile uma umuntu esangumntwana ekhaya” kuchaza usibusiso.
ephetha inkulumo yakhe uthe njengoba beyinhlangano engenzinzuzo bayafisa ukuthola uxhaso kunoma ubani ofisa ukulula isandla abakufisa kakhulu ukuthola icontainer (12m x 12m) noma iwendy house, imvunulo, ama-instruments amadala kanye nokwesekwa ngolwazi.
Uma ufisa ukuxhumana nalenhlangano ungashayela kule nombolo: 074 765 9987 noma ubavakashele ku no. 1773 Mafuya Street, iNanda, 4310.