UPhumla Jele ucela izinkampani ezingama production zimuqashe

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UPhumla Jele (23) odabuka eMpumalanga ngokokuzalwa kodwa otholakala eThekwini ngokokuhlala ungene endimeni yezokulingisa nezokusakaza ngonyaka ka2020 ngenyanga kaZibandlela ngestage name sika Phumla PP

“ Ngiqale ukusakaza ngonyaka ka2020 lapho ngithole ithuba lokusakaza kwi Radio 4000 ngaphinda ngathola ithuba lokusebenza nomsakazo owaziwa nge Extension Point FM kanti angigcinanga lapho njengoba sengike ngakhipha umdlalo weSnenhlanhla & the Blind Prince kodwa engifisa abantu bakwazi ukuthi sikhuluma nje ngiphezu kwamalungiselelo encwadi engihleli ukuyikhipha ngonyaka ozayo ezobe inesihloko esithi: Appreciation to my stepfather nengikholwayo ukuthi abantu bazoyithanda kakhulu”

“Okunye ngiyacela abantu abake benze imidlalo eqoshwayo nebukwa bukhoma ukuthi bangibize nami sisebenzisane njengoba ngikwazi ukulingisa kanti angigcini lapho ngiphinde ngibe nekhono lokwenza i-INJURY MAKE-UP nokuyikhono engithandayo ukuthi abantu ngelinye ilanga balazi balibone” kusho uPhumla

Uma ufisa ukuxhumana noPhumla ungamushayela ucingo noma umu whatsapp kule nombolo: 0655640924 okanye umubheke ezinkundleni zokuxhumana Facebook: Poomlaah perseverance TikTok: phumla pp.