UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uthembisa ukulwa nenkohlakalo

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) uphinde wakugcizelela ukuzibophezela kwawo ekuqedeni ukukhwabanisa nenkohlakalo, okuvamise ukuvela ekuziphatheni kabi kwezikhulu ezingayihloniphi imigomo yokuziphatha kahle kukahulumeni.

Umnyango uthe eminyakeni edlule, umthelela wokukhwabanisa nenkohlakalo ube nomthelela omubi ukuhlinzekweni kwamanzi ngendlela efanelekile , kanye nezindlu zangasese kwezinye izindawo.

Umnyango uthe emacaleni angu 36 angu 55 kuqedwe ngawo ngonyaka odlule ngoDisemba.

“Emacaleni angu-55, izikhulu ezingu-39 zitholwe zinecala ngokuqondiswa kwezigwegwe kanti unswinyo olusetshenzisiwe luhlanganisa ukumiswa ngaphandle kokukhokhelwa, izixwayiso zokugcina ezibhalwe phansi kanye nokuchithwa, phakathi kokunye,” kusho uMnyango esitatimendeni.

Ukusheshisa ukuphenywa kwamacala okuqondiswa kwezigwegwe, umnyango uthe uMqondisi-Jikelele, uDkt Sean Phillips, wagunyaza ukuvuselelwa kweKomidi lokuphathwa kwemiphumela ngoNdasa wezi-2022, okuwuhlaka lwe oversight, accountability and support of the implementation of consequence management.  

“Amalungu ekomiti ajutshwe ukuthi abonisane futhi aqaphe ababambiqhaza abathintekayo ekulweni nokukhwabanisa, inkohlakalo nokungaphathi ngendlela, ethule imiphumela kuMqondisi-Jikelele mayelana namacala okukhwabanisa nenkohlakalo, kanye nokwethula okutholakele futhi enze izincomo kuMqondisi-Jikelele mayelana namacala. okukhwabanisa nenkohlakalo.

Umnyango uthe kunophenyo oluningi olwenziwayo njengamanje, oluhlanganisa ukungathembeki okukhulu, ukukhwabanisa, ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele (okungajwayelekile, ukumosha okungenanzuzo nokungagunyaziwe), kanye nokungahoxiswa kwemisebenzi kanye nokusetshenziswa ngendlela engafanele kwempahla yoMbuso.

Ukuqinisekisa ukuthi uphenyo luyenziwa futhi luphothulwe ngempumelelo, umnyango uthe wethule isifanekiso esijwayelekile sawo wonke amacala okungaziphathi kahle, lapho ukuqapha nokudidiyelwa kwamacala okungaziphathi kahle manje sekubekwe endaweni eyodwa.