Siveza imibono yomphakathi mayelana nokucima sakonga ugesi

Iphephandaba lomphakathi i-KZN Namuhla lixoxisane namalunga  omphakathi mayelana nesimo esibhekene neNingizimu Afrika esimayelana nenkinga naso yokucishwa sakonga kuka gesi u-Eskom, okuphetha ngokuphazamisa izimpilo zabantu kanye namabhizinisi azithola engasakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela njengoba kukhona namanye aseze aphetha ngokuvala. babesebephawula kanje

UNkk.Nkosinathi Mcineka Mngomezulu ohlala kwaBester uthe, ukuhamba kukagesi siqale sazitshela ukuthi i-loadshedding nje ejwayelekile kwahamba kwahamba kodwa manje sengiqala ukubona ukuthi izomosha lokhu ngikushiso ukuthi kuyenzeka uthi ushajile uvele uhambe lokho kuba nomthelela ongemuhle ezintweni ezisebenza ngogesi ngoba ziyalimala, uthi ubuya emsebenzini usapheka laphe usuhambile usuyohlala wonke lo 2 hours ulinde ukuthi uze ubuye nezingane ngapha kufanele zigeze zize zilale izona zonke izinto ezigcina zibe nomthelela ongemuhle uma ngabe izolokhu yenzeka usuku nosuku.
 
UMnu. Nhlakoh Ntombela eDumbe uthe isigadle yazwela lento ye-loadshedding sinenkinga ugesi ubukeka usungenawo amandla awanele ukumelana nezinto ezifana namafridge yize vele sihlala ezindaweni ezibukeka zinganakekekile kodwa sekuqala ukuba nzima kakhulu kunakuqala ushiye ukudla kwakho uyemakhaya uthembile ukuthi unesiqandisi ubuye sekonakekele ngenxa yokuhamba kukagesi izikhathi eziningi evikini lilinye, siyacela bakithi iziphathimandla zikagesi zisizwele sekukubi kakhulu.
 
UNksz. Nelly Biyela uthe, engingakusho ugesi ubuke uhambe esikhathini esingaphambili kodwa lokhu okwenzeka kulezinyanga ngiyakuqala ngqa lokhu, ngaqale ngamangazwa ukwehla kwama-units uma kade ufaka ugesi kuyimanje sibhekene nenkinga enkulu kangangokuba ususaba ngisho ukuxhuma izinto ezisebenza ngogesi ngoba kwesinye isikhathi ugesi unyamalala ungazelele ukuthi uzohamba into enzima ukuthi ziyabiza izinto ezisebenza ngogesi ngakho ngikubona kuwusizi impela konke esibhekene nakho ngenxa yokubhedelwa ugesi siyacela lendaba ingenelelwe kungaze kumosheke kakhulu ukunakuqala. Kanjalo nokubhedelwa inetwork enye yezinkinga esibhekene nazo kakhulu.