I-SAFA ithi asikho isinqumo esithathiwe ngohambo lwaseTurkey

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Inhlangano yebhola yaseNingizimu Afrika (SAFA) ithi ifisa ukusho ukuthi asikho isinqumo esingujuqu esithathiwe mayelana nokubamba iqhaza kweBanyana Banyana kwi Women’s Cup kule nyanga.

Ngokwesitatimende esikhishwe i website yenhlangano sithi i-SAFA ixoxisane kabanzi ngaloludaba olubalulekile kulandela ukuzamazama komhlaba okudala umonakalo omkhulu kwashona izinkulungwane kwalimala abanye abaningi eTurkey nakwamakhelwane iSyria ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Inhlangano ephethe ibhola emhlabeni i-FIFA inikeze ukukhanya okuluhlaza emqhudelwaneni okuchaza ukuthi umncintiswano ungaqhubeka,    wonke amaqembu azobamba iqhaza athunyelwe izincwadi ngomhlaka 10 Febhuwari 2023. Amaqembu azoba ingxenye yalomqhudelwano ilawa: Bulgaria, Estonia, Kosovo, Hong Kong, Jordan, North Macedonia, Slovenia, South Africa, Uzbekistan kanye neZambia.

“Ngokuhambisana nekhasi lesi-7 kwincwadi yenqubomthetho, i-FIFA iyakujabulela ukuhlinzeka ukugunyazwa okusemthethweni kwalo mqhudelwano wamazwe omhlaba wesigaba sokuqala sabesifazane. Uma kwenzeka udinga ukwenza izinguquko emininingwaneni yomdlalo, sicela uthintane  neFIMA ngokushesha,” kusho ingxenye yencwadi.

“Ngesikhathi umqhudelwano uqhubeka, ukuphepha kwabadlali bethu nezikhulu kubaluleke kakhulu kithina futhi iSafa iqhubekile nokufeza umsebenzi wayo ngendlela okuyiyona yona.

Sihlanganyele kakhulu futhi saba nezingxoxo noMqondisi wezinhlangano ezingamalungu, ikakhulukazi umphathi we-MA waseYurophu, sazibandakanya nohulumeni wethu wasekhaya  kanye neNxusa laseTurkey.

Sabonisana nabahleli bendebe yabesifazane yaseTurkey izikhathi eziningi futhi saba nezingxoxo neZambia, engomakhelwane bethu kanye nomunye wababambe iqhaza kwindebe yabesifazane yaseTurkey.

Zonke izinqumo eziphume ezingxoxweni zizonikezwa iqembu elisekhempini, futhi kuzomenyezelwa isinqumo esingujuqu mayelana nokuya eTurkey noma cha.

Siyethemba ukuthi lokhu kuzoyicacisa lendaba njengoba izindaba ezingamampunge ziqhubeka” kuphetha isitatimende senhlangano.