UMfundo Sibidla (28) waseChesterville e-Externtion1 ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka 2009 enza umculo weHip-Hop ngeStage name sika Omani Rail.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla uthe kulonyaka kukhona iEP alungiselela ukuyikhipha lapho kuzobe kuhlangene amaciko asemnkantshubomvu endimeni noma emkhakheni wezomculo azobe ewaqokile ukuthi asebenzisane nawo, kanti uthe uyafisa ukuthi lomsebenzi awethule ngokusemthethweni Phakathi nawo unyaka ka2023.
“Uxhaso ngiyaludinga kakhulu njengoba ngiyiciko elizimele into engiyifisayo ukuthi abantu abangabahleli bemicimbi bangeseke ngokuthi bangiqashe uma behlele imicimbi emikhulu ekhokhelayo ukuze nami kube khona engikuzuzayo ngiqhubeke ngiqophe . Kube umculo wami nami ngingathanda nawo ukuthi ngithole umuntu ongangilekelela ukuthi udlale emsakazweni emikhulu nasezinkundleni ezidayisa umculo kwi-inthanethi utholakale ngakho ngiyacela ukuthi izinkampani ezinkulu zisilule isandla ukuze ngifukule ikhono lami lize lifinyelele ezingeni lapho sengikwazi khona ukuzenzela izinto” kusho u-Omani Rial.
U-Omani Rial uyacela umphakathi umeseke ngokudlala izingoma zakhe ezithi RAILWAY, BAD CARD THANDAZA, TAKE ME, OLD BOY ongakwazi ukuzi download akule link: https://audiomack.com/omani-rial-1/album/ , kanti uma ufisa ukuxhumana naye ungakwazi ukumushayela kule nombolo: 081 440 8580 noma umuthinte ezinkundleni zokuxhumana KuFacebook: OMANI RIAL _SA / Instagram – Omani Rial_sa / Twitter – Omani Rial.