USphamandla Mtshali ucela inkampani ezomusayina

USphamandla Mtshali(24) odabuka eBhamshela Kwamathambo kodwa oseThekwini eSydenham eHeight ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2012 ecula umculo weHip-Hop oyi Soul Trap kanti eseke wakwazi ukuqopha i-EP eyayinesihloko esithi “KHANYISA”.

“Ngikhiphe i-EP ethi KHANYISA ebinengoma ethi NGISEBENZA KANZIMA angangiqoke kuyo uRuffy Kay ukuthi  sisebenzisane, lengoma abantu bayithande kakhulu  kanti ayigcinanga lapho iphinde yadlala nasemisakazweni emikhulu ufana noKhozi FM, Igagasi FM, INanda FM neminye yaphinde yangifaka ebantwini. Kukhona ingoma engisanda kuyikhipha noMusiholiQ ethi: Sogcina_Sfikile  kanti ngisho umusic video walengoma usuyatholakala njengoba usuke wadlala ngisho kuChannel O ngiyacela umphakathi ungeseke ngokuthi lengoma uyi download uphinde uyidlale ukuze iqhubeke yenze kahle” kusho uSphamandla ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla.

Ephetha inkulumulo yakhe nephephandaba uthe njengamanje ufisa ukuthola inkampani ezomusayina njengeciko ngoba kunzima ukuzimela uma ungakabi nemali kulendima njengoba kuyiyona into esebenza kakhulu kuqala ngesikhathi usazikhulisa njengeciko.

Umsebenzi wakhe ukhona kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-inthanethi uma ufisa ukuzwa umsebenzi wakhe , uma ufisa ukuxhumana naye ungashayela kulenombolo: 0673241308 noma umbheke ezinkundleni zokuxhumana Facebook: Maphama M, Instagram _@Maphamam, Tik tok, @Maphamam, Twitter _Maphama M Kzn/ YouTube _Maphama M KZN.