UThembelani Sithebe ucela abaxhasi abazomulekelela ngoxhaso lwemali

UThembelani Sithebe  odabuka eLadysmith eMbulwane endinemi yomculo ungene ngonyaka ka2018  enza umculo we-Afro pop ngegama lika SK Keeller.

“Ngingene studio ngiyoqopha ngonyaka ka2019 nokuyilapho ngizikhulise khona njengeciko ngagcina sengenza umculo we-Afro-pop, Hip-Hop, Amapiano nezinye izinhlobo, phakathi nonyaka ngikhiphe ingoma ebe ingoma eyenze kahle kakhulu enesihloko sithi NGISEMATHANDWENI, yenzekahle kakhulu lengoma ngokwezinga lami ngoba ingenile Kuma top 10 amaningi emsakazweni eyehlukene kweminye ishaya onombolo 1 kanti lengoma sengayishuthela nomusic video abantu abawu jabulela  nawo emvakwalokho ngibe sengithulake ngangakhipha ngisaphusha yona lengoma” kusho uSK Keeller ezikhulumela ngowakhe nephephandaba

Eqhuba inkulumo yakhe uthe ngomhlaka 10 February 2023 ukhiphe izingoma ezimbili ezitholakalayo kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-inthenethi nacelayo ukuthi umphakathi umeseke ngokuthi izidownload uthembise ukuthi ama music video alezingoma azolandela maduzane.

“Ngicela ukutholiswa umxhasi noma abaxhasi abangangilekelela kwezezimali ukuze ngikwazi ukuqopha ngiqhubeke ngiye phambili nokuthuthukisa ikhono lami kulendima ngoma ngiyakholelwa ekuthini kuningi engingakwenza ngalelikhono lami enginalo uma ngingathola usizo olufanele” kuphetha u SK Keeller

Uma ufisa ukubona noma ukuzwa umsebenzi ka SK Keeller ungawuthola kuzo zonke izindawo ezithengisa umculo, uma uthanda ukuxhumana naye ungashayela kule nombolo: 0781394107 noma ezinkundleni zokuxhumana  Facebook: SK KEELLER/ Tik tok: @thembelani407/ YouTube: SK KEELLER.