Uyaqhubeka umsebenzi wohlelo lokusungulwa kwesibonelelo sabangasebenzi

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uyaqhubeka umsebenzi wokusungulwa kwesibonelelo semali yabangasebenzi – Basic Income Support Grant  (BIS) okuhloswe ngayo ukulekelela  abangaphansi kwezinkinga zezimali.

“Lokhu kuzokwakhelwa phezu kwamasu ayethule nge-SRD (Social Relief of Distress Grant)  , okuhlanganisa nokuxhumanisa imininingwane esinayo kuhulumeni wonke ukuze siqinisekise ukuthi sifinyelela bonke labo abaswele,” kusho uMongameli.

UMengameli ubethula inkulumo echaza isimo sezwe (SONA) eCity Hall eKapa.

Eminye imininingwane ngezibonelelo izochazwa ngeSabelomali sika-2023, esizokwethulwa nguNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enoch Godongwana mhla ziwu 22 Febhuwari.

NgoDisemba 2021, uMnyango wezokuThuthukiswa Komphakathi (i-DSD) wethula umbiko wethimba lochwepheshe mayelana nokusekela iholo eliyisisekelo.

Ithimba lochwepheshe be-BIS leluleke uhulumeni ukuthi imali yesibonelelo sikahulumeni eyisisekelo ayenze kancane kancane aqale ngokuthi isibonelelo sikahulumeni seCOVID-19 sibe semthethweni.

Ithimba lochwepheshe lasungulwa njengengxenye yohlelo lwe International Labour Organisation (ILO) kanye ne-DSD, ukuhlola ubuhlakani baloluhlelo kanye nokuphathelene nezinkokhelo zesibonelelo semali eyisisekelo eNingizimu Afrika.

Isibonelelo se-SRD R350

Emzamweni wokunciphisa ukukhuphuka kwezindleko zokuphila, uMengameli Ramaphosa uphinde wamemezela ukuthi uhulumeni uzoqhubeka neSibonelelo se-SRD sika-R350 esinwetshwe kuze kube nguNdasa wezi-2024.

Isibonelelo sikahulumeni sokulekelela iSRD sika-R350 njengamanje sifinyelela kubantu ababalelwa ezigidini ezingu-7.8 ezweni lonke.

Ukwengeza, uMengameli wagqamisa ukuthi cishe imindeni eyizigidi ezimbili ehlwempu ithola amanzi mahhala, ugesi wamahhala kanye nokuthuthwa kwemfucuza mahhala.

Ubalule ukuthi cishe u-60% wesabelomali sikahulumeni usetshenziswa kulokho okwaziwa ngokuthi ngamaholo omphakathi.