THOBILE MBATHA
Ongoti bamakhambi iPlanned Parenthood bahlela ukwakha amaphilisi okuhlela umndeni azoqondana ngqo namadoda. Lokhu kuzobe kuyimizamo yokusiza amadoda ukuthi nawo akwazi ukuhlela imindeni.
Bechaza esitatimendeni bathe, “Sifuna bonke abantu bathole amaphilisi amaningi okuvimbela inzalo aphephile, athengekayo, amukelekile kukhona konke okungenzeka egazini lomuntu uma ewasebenzisa okungeyona ingozi. “Kusho uMqondisi we-UW CORE.
I-Planned Parenthood of Wisconsin yethule uhlelo olusha ngokubambisana ne-Medical College ehlinzeka ngama-vasectomies ngenxa yesidingo esikhulu esilandela isinqumo se-Dobbs Jackson Women’s Health Organisation. Kusukela mhla ziwu-16 Febhuwari 2023 iziguli zingabhukha ama-vasectomies azohlinzekwa kuPlanned Parenthood etholakala e-Water Street Heath Centre.
“ukusiza ngaloluhlobo olusebenza kahle kakhulu ukulawula inzalo kuhambisa nomsebenzi wethu ngokuzibophezela kwethu ekuhlinzekeni ukuhlela umndeni nokunakekelwa kwezempilo.” Kusho uMengameli kanye ne-CEO yePlanned Parenthood yaseWisconsin uTanya.
Usihlalo wesikhashana we-Medical College of Wisconsin Department of Urology uDktl. Jay Sandlow uthe, bayaziqhenya ngokusebenzisana ukuze bathuthukise uhlelo lokuvimbela ukuzala okungenasidingo.