Ogogo nomkhulu bathole ithuba elingandile bezivocavoca ngosuku lwe iHealthy Lifestyle Awareness Day

SHEILA MHLONGO

Ogogo nomkhulu abahlala ekhaya labadala, iZamazulu Old Age Home KwaMashu, bajabulele ithuba lokuzivocavoca njengengxenye yokugubha usuku lokufundisa ngokunakekela impilo, iHealthy Lifestyle Awareness Day. Kukhuthazwe abantu abadala ukuthi badle ngendlela efanele futhi bazivocavoce ukuze bagweme izifo ezingamahlalakhona. Ithimba lezempilo likaMasipala weTheku, linikeze laba bantu abadala ithuba lokudlala ibhola, ukugijima, ukudansa, nokunye, njengendlela yokukhuthaza ukunakekela impilo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *