U-Ayanda Zubane (27) odabuka kwaMaphumalo kodwa otholakala KwaMashu esigcemeni sakwaJ ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo weHip-Hop ngonyaka ka-2012 ngeStage name sikaGologo
“Ngisafika emculweni ngiqale ngokwenza amasingle tracks, rap battles competitions kanye nama cyphers kuthe ngonyaka ka-2019 ngakhipha EP esihloko sithi “DIGNITY” enezingoma eziyisithupha(6) okuyiyona engazazisa kahle ngayo kubantu. Ngonyaka owedlule ngikhiphe I-Album esihloko sithi “BLEED & BREATH”, enezingoma eziyishumi(10) kanye nomusic video weyodwa yezingoma ezikwi-Album okuwutrack 2 enesihloko esithi “ PROGRESS” nengicelayo ukuthi abantu bangeseke ngokuthi bayi download baphinde bayidlale ukuze iqhubeke isabalale.
Okusha engifisa abantu bakwazi ukuthi ngizokwenza umcimbi ngo mhlaka-25 Febhuwari 2023 obizwa nge-ONE LOVE RAP vs TRAP HANGOUT, ozokuba seCool Runnings Durban, 49 Milne Street. Kulomcimbi ngizobe ngibambisene nomunye wozakwethu uMabhiyoza omele uhlangothi lweTrap kanti mina ngizokuba kolweRap. Amatikithi alomcimbi ayatholakala kaPick n Pay noseWebticket ngoR50.” Kuchaza uGologo.
Ephetha inkulumo yakhe uthe uyacela ukuthi umphakathi uwuhambele umcimbi ukuze ubemnandi kanti uma ufisa ukuzwa umculo wakhe ungakwazi ukuwudownloada kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-inthanethi. Ungashayela kule nombolo: 084 9852 492 uma ufuna ukuxhumana naye noma umbheke ezinkundleni zokuxhuma Facebook: @Gologo_injayestradi /Instagram: @gologo_injayestradi.