U-Owethu Zulu unesifiso sokudlalela AmaZulu FC Development Academy

SAMUKELISIWE MBONAMBI

U-Owethu Zulu (15)odabuka eMelmoth ngokokuzalwa kodwa otholakala eMlazi  esigcemeni saka K ngokokuhlala uqale ukudlala ibhola  lezinyawo ngonyaka ka2013  waze wagcina esethola ithuba lokudlalela iBM FC ekuyiqembu elizinze endaweni yaseMandeni  waphinde wadlala kumncintiswano weSAB kanye ne-ABC Motsepe.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “Ngimuhle kakhulu ebholeni lezinyawo kangangokuba ngisho esikoleni ngingomunye wabafundi abakhe iqembu lesikole iZwelethi High School, ngidlala iphozishini yewinger ngenye indlela mina ngigxile ekutheni ngilekelele ekwakheni amathuba amaningi ukuze abanye abadlali abafana nabadlali abadlala phambili bakwazi ukushaya amagoli.

“Ngiyafisa abantu bazi ukuthi uma ufuna ukuba umpetha uphinde uhlonishwe kwezebhola kuwumsebenzi omkhulu njengoba indlela oziphatha ngayo ngasosonke ibalulekile, engikufisa kakhulu esikhathini esizayo ukuthola ithuba lokuthi ngigijime kwi DStv Premiership League ngidlalela amaqembu amakhulu lapha eNingizimu Afrika”kusho u-Owethu

Ephetha inkulumo yakhe uthe okwamanje akanaye umphathi yonke into usazibambela mathupha kodwa uyafisa ukuthola ithuba lokudlala kuMaZulu FC Development Academy ukuze akhule uyathemba kukhulu angakufunda uma engadlala khona. U-Owethu usebenzisa uwhatsapp ukusabalalisa amavideo akhe edlala ibhola uma ufisa ukubona indlela adlala ngayo ungashayela kule nombolo: 0767621990.