Bazosebenzisa isystem ukuqapha ukuntshontshwa kwezinkomo ngokufaka itracker

THOBILE MBATHA

Ukutshontshwa kwemfuyo kwaZulu-Natali sekudale ukuthi owesilisa uThabiso Mncwabe asungule iNhlangano ebizwa nge-Microchip Livestock security ebambisene ne Protect All People In South Africa okuyinkampani ka Dktl. Dlamini ezoqhuba lomsebenzi wokusiza imiphakathi entshontshelwe imfuyo.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla umsunguli weMicrochip uMnu.Thabiso Mncwabe odabuka eMpendle ofunde e-University of Zululand i-Bachelor in Science and Agriculture uthe, ubuke isimo esikhona sokwebiwa kwemfuyo wase evela neqhinga njengomuntu ofunde ezobuchwepheshe le tracker ingangohlamvu lwe-rice ifakwa ngokuthi isilwane sijovwe nokuyiyona eshoyo ukuthi inkomo ikuphi nendawo noma ngabe isihlatshiwe yafakwa ebutchery kodwa siyiqapha noma isihlinziwe yaqotshwa ngenxa yaloluhlamvu efakwa lona.

Eqhuba uthe, ukuyifaka uhlamvu kuyimali encane kakhulu u-R55 ebese kuthi ukuyi-monitor kube u-R150 noma ngabe zingaki esibayeni njalo ngenyanga uma kukhona ongakuboni kahle uyafonela ukuze isecurity izoqapha isimo. Inkomo ifakwa barcode uhlamvu lube ngaphakathi noma esikhumbeni sayo.

Uma ufisa ukuxhumana nethimba elizokufakela itracker ukuqapha izinkomo zakho njengoba kuza ubusika ungaxhumana noThabiso Mncwabe kulenombolo: 064 312 0538.