SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ezokuvakasha eKZN zinethemba lokuthi imizamo yazo yokuqinisekisa ukuthi imakethe yaseGermany ivakashele eNingizimu Afrika izothela izithelo ezinhle.
Iqembu lezokuvakasha belise-Berlin emasontweni edlule lizama ukuheha amazwe angaphezulu kuka-180 ukuthi avakashele iKZN embukisweni wezohwebo we-ITB Berlin.
Imakethe yabaseGermany iyimakethe yesithathu enkulu engumthombo wezihambi zamazwe ezweni laseNingizimu Afrika kanti iyimakethe yesibili enkulu yezivakashi zangaphandle e-KZN ngemuva kwe-UK.
I-KZN ihehe izivakashi zaseJalimane ezingaphezu kuka-14 000 ngonyaka ka-2022 ezasebenzisa u-R232 million esifundazweni.
Ikhuluma embukisweni wezohwebo, inhloko yezokuxhumana eTourism KZN, uPinky Radebe, uthe kubalulekile ukuvakasha kwamazwe njengoba isifundazwe sibheke ukwakha kabusha lo mkhakha kulandela ubhubhane lweCovid-19.
“ITourism KZN yenza konke okusemandleni ukuthi ibuyise futhi yakhe kabusha imakethe yezokuvakasha yamazwe ngamazwe yesifundazwe ephazamiswe ubhubhane lweCovid-19.
“Kuze kube manje, besixoxisana nezinkampani eziqavile ezivela emazweni ahlukene ukuze siphothule izivumelwano ezizoletha izivakashi zamazwe ngamazwe esifundazweni, ezindaweni esidume ngazo njengeDrakensberg, Isimangaliso Wetlands Park, Hluhluwe, Imfolozi Game Park nezinye eziningi. amapaki e-KZN.”

