SAMUKELISIWE MBONAMBI
Kuxwayiswa ngesifo samarabi esifundazweni saKwaZulu-Natali lokhu kulandela ukuthi umfana omncane waseMpangeni ethole lesisifo. Ngokuchaza komndeni osakhungathekile uBandile obeneminyaka emihlanu(5) ubedlala nabangani bakhe kukholakala ukuthi kube sekuqhamuka izinja ezintathu(3) zabajaha ngesikhathi bebaleka uBandile ube esekhubeka wawa nokulapho inja ibe isimuluma khona, emva kwesonto lesehlo senzekile umawakhe ube esemuhambisa esibhedlela ngoba ebona ukuthi akaphilile ube esedlula emhlabeni emvakwezinsuku ezimbili engeniswe esibhedlela.
“Ngizwa ubuhlungu obungasoze baphela. Sikhuluma nje kade ngiye emtholampilo kanti kuzongena izinja ngivele ngabeleka indlela izinja esengizisaba ngakhona,” kuchaza uMbalenhle Ngcobo ongu mama wesisulu.
Ugogo womfana uthi uzewatshelwa ngalesigameko umfana esengeniswe esibhedlela. Umndeni uthi ukudlula emhlabeni kukaBandile bekungagwemeka.
“Kubuhlungu namanje ngibatshelile laba akade befikile layikhaya ngathi bantabami ngibizeleni umuntu ozongichazela ngoba angisalali ebusuku,” kusho ugogo uGcinile Mkhize ebalisa ngokulahlekelwa umzukulu wakhe.
UMnyango wezoLimo usuveze ukukhathazeka ngokwanda kwesifo samarabi esifundaweni
Okhulumele umnyango uSuper Zuma ucele umphakathi ukuthi usebenzisane nomnyango wase egcizelela ukuthi isifo samarabi isifo esinzima kakhulu kodwa futhi kulula ukuthi sinqotshwe.
“Abantu kufanele balethe izinja zabo namakhadi azo siwuhulumeni siluletha mahhala uhlelo lokujovwa kwezinja,” kuphawula uZuma.
Ongoti bathi abanikazi bezinja kanye namakati kumele bakuqinisekise ukuthi izilwane zabo ziyajova okungenani kanye ngonyaka.