SAMUKELISIWE MBONAMBI
UMlamuli Mavundla ohlala eThekwini usezakhele egama elihle kwabaningi ngokusungula i-App ebizwa ngeKasiFlavor App, le-App igxile kakhulu ekulekeleleni osomabhizini basemalokishini abasafufusa abadayisa ukudla ukuthi benze imali eningi kunaleyo abajwayele ukuyenza, kanti ayigcini nje ngalokho kuphela kodwa iphinde ivulelele intsha namathuba emisebenzi.
Kwi KasiFlavor App uyakwazi ukungena kuyona bese ubheka izitolo eziseduze nalapho uhlala khona ezidayisa ukudla uma ususitholile isitolo esiseduze nawe ube sewufaka i-oda lakho lento ofisa ukuyithenga kungaba ama fried chips, amagwinya okanye ukudla kwesipuni okuphekiwe. Esitolo lapho uthenga khona babe sebeyakulethela i-oda lakho ekhaya uma selilungile.
Okwamanje usakwazi ukusebenzisa le-App umangabe uhlala kulezi zindawo ezilandelayo: iLovu (Amanzimtoti), uMlazi, Lamontville, kwaNdengezi, kwaSanti, Klaarwater, Mayville, Chesterville, eMbali, Ashdown, Edendale nazo zonke izindawo ezingaphansi koMgungundlovu.
Uma ufisa nawe ukuzisebenzisela iKasiFlavor App ungayi download kule link: www.kasiflavor.co.za kanti uma usebenzisa ifoni ewuhlobo lweHuawei ungasebenzisa le Link: https://urldra.cloud.huawei.com/ivtTHoqkh2.