SHEILA MHLONGO
Usuku lombhikisho wangoMsombuluko womhlaka 20 Mashi alubanga impumelelo ngokubona kukahulumeni wakuleli ngoba ababhikishi ihlulekile imizamo yabo yokufuna ukucekela phansi izakhiwo kanye nempahla, lokhu okwenze ukuthi kugcine kuqoqwe inqwaba yamathayi, kwaphinde kwabanjwa kwaboshwa inqwaba yabantu.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi abe National Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS baveze ukuthi kuboshwe abantu ababalelwa ku 550 ngamacala ehlukene okubalwa awokuzama ukudala udlame emphakathini kanye nawokusabisa, kanti iGauteng iyona ehamba phambili ngesibalo sababoshiwe.
Amaphoyisa kanye nezinhlangano zomphakathi zisebenze kanzima ziqoqa amathaya abalelwa ngaphezu kuka 24,300 abekade ebekwe emigwaqeni nasezindaweni ezithile ngenhloso yokudala umlilo ukuze kucekelwe phansi impahla.
Ngokusho kwalowo okhulumela i NATJOINTS uBrigadier Athlenda Mathe uthe, bayakuthokozela kakhulu ukuthi umbhikisho uhambe ngokuthula ezingxenyeni eziningi zezwe nakuba kukhona labo abebezama ukwephula umthetho.
Eqhuba uMathe uthe bayakuthokozela futhi ukuthi zonke izinhlaka zezokuphepha kuleli zisebenze ngempumelelo ukugcina ukuphepha zisebenzisa amandla ezinawo.
Ephetha uMathe uphinde wabonga zonke izinhlaka ezibambe iqhaza ekuvikeleni izwe, okubalwa abombutho wezokuVikela SANDF, abombutho wamaphoyisa SAPS,abaqaphi abazimele, neighborhood watch kanye nezinhlangano zomphakathi – SAnews.gov.za

