Ukuzitika ngokudla okunoshukela kungakudalela isifo sohlangothi

THOBILE MBATHA

Ongoti bezempilo bafundisa abantu ngendlela yokudla wabe esechaza ukuthi ukuzitika ngokudla okunoshukela kungakudalela isifo sohlangothi phecelezi ukushaywa istroke.

Imbangela yestroke ukudla okunoshukela omningi kungaba ushukela uwufaka kakhulu etiyeni abanye bawufaka ekhofini unengxenye ewushevu ngokwedlulele igama lawo kuthiwa i-fructose wenza amafutha esibindini adala ukuxhwala kwesibindi, sijiye siqinelane sibe yellow, isibindi sidilingane sibe namafutha.

Loshukela ushintsha izinhlayiyana okuthiwa yi-insulin, zijiye ziphendukelane nomzimba. I-fractose idala amaswayana emzimbeni agcina edale umfutho ophezulu egazini nobuhlungu emajoyintini ezinyawo namadolo ikakhulu. Yona kanye le-fructose esiyithola kushukela ivala ukusebenza kwengxenyana yomzimba okugcina ngokuthi ungazizwa ukuthi ususuthi, kulokhu kuthi yidla into engapheli yileso sizathu esenza ukoma okungapheli uma uphuza iziphuzo ezihlohlozayo ngoba ushukela ugaywa ngendlela efanayo notshwala. Kusho ongoti.