UMluleki Ntuli ucela umphakathi umuvotele

UMluleki Ntuli (32) odabuka eVryheid esigodini saseMvunyane kodwa otholakala eThekwini ngokokuhlala ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla uthe uthando lomculo into aqala ukuba nayo esemncane njengoba aye cula kwi-choir yasesikoleni ayefunda kuso neyasendaweni lapho ayehlala kuyo.

USdeshe(stage name) uze wathola ithuba lokungena estudio ngonyaka ophelelile wase ngoMashi ekhipha ingoma ye-Gospel esihloko esithi “Simukhonze”  abantu abayithandayo.

“Ngiyafisa abantu bazi ukuthi ngingumuntu okholelwayo entweni ayenzayo futhi ngiyazimisela kodwa ngaphandle komphakathi angiyilutho ngakho ngiyacela abantu bangeseke ngokuthi bangivotele njengoba ngingenele umncintiswano weBavundulule Festival njenge Upcoming Artists, ofisa ukuvota anga sms MBF Sdeshe Amapiano MBF 2023 to 47439 iSMS Ibiza uR3.00 kuphela kanti unga vota noma ikangaki” kuchaza uSdeshe

USdeshe uphinde wacela abahleli bemicimbi ukuthi bangamukhohlwa kanti i-EP yakhe yomculo wepiano iyatholakala kuma Digital stores uma ufuna ukuyilalela. Kubo bonke abafisa ukuxhumana naye bangashayela kule nombolo: 0663306256 okanye bamulandele ezinkundleni zokuxhumana Facebook page Sdeshe SA , TikTok Sdeshe 1 & Instagram:Sdes104.