UNkanyiso Msomi (19) waseNyavini ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka-2020 ngeStage name sikaMangamahle ecula noZandile Biyase odume ngo Zee kanye no-Andile Ndlovu owaziwa ngoTriller abangamalunga eqembu lomculo iRudeGang.
Exoxisana nephephandaba lomphakathi uthe: “Kade ngisawuqala umculo benginesifiso sokuthi ngicule umculo weHip-Hop ngoba bengibukela kakhulu kumculi owaziwa ngoBig Zulu ngiyithanda kakhulu indlela nje enza ngayo izinto ngangokuthi nami ngangize ngiziphuphe ngingomunye wabaculi kwiNkabi Nation eyakhiwe oLwa Ndlunkulu, Mduduzi Ncube, Xowla ukubala abambalwa. Ngokungakwazi ngigcine sengicula Amapiano engingene kuwo ngonyaka ka-2020” kuchaza uNkanyiso.
UNkanyiso uthe beneqembu lakhe iRudeGang selokhu beqalile ukucula sebekwaze ukukhipha izingoma ezingu 23 okubalwa kuzo ezithi Sthandwa Sam, Abangani, Umona, Uyazitshela, Amathemba, Sibuyile ukubala ezibalwa kanti kulonyaka bazokhipha enye i-Album ezoba nesihloko esithi INHLIZIYO nane Sifiso sokuthi abantu babaseke ngokuthi bayi download baphinde bayidlale ukuze bathuthuke njenge qembu ngoba kuningi okuze abasazimisele ngokukwenza emculweni.
Uma ufisa ukuxhumana noNkanyisa ungamushayela kulenombolo: 0818230274 noma umu whatsapp kuyo.