UVusumuzi Nhleko ufisa ukuthola umuntu ozobafakela umculo wabo emsakazweni

UVusumuzi Nhleko (27) odabuka Enquthu esigodini saseNhloshane ungene endimeni yezomculo we-Afro-Pop ngonyaka ka2018 wase eqala nokudayisa izingubo zePossible Clothing.

“Ukuqala kwami ukucula ngiqale  ngonyaka ka-2018 ngifunda grade 8, ngasengiqala ibhizinisi lezimpahla eceleni elibizwa nge-Possible Clothing lakho sindayisa khona izinto ezibhalwe uPOSSIBLE ezabadala nabancane asikhethi. Ngaso hlangothini lomculo ngaphansi kwegama lami ngisakhiphe i-Album eyodwa enesihloko esithi: Feel My Pain mase kuba i-Album eyodwa engayikhipha ngaphansi kweqembu engikulo iMentors KZN enesihloko esithi: Usungijikele” kuchaza uMan v da virus (stage name) exoxisana neKZN Namuhla.

Ephetha inkulumo yakhe uthe uyacela umphakathi ukuthi useke umsebenzi weqembu iMentors KZN ngokuthi udownload umculo bawulalele ukuze usabalale bathole abalandeli abasha. Abantu balandele iChannel yabo yaku YouTube @ Mentors KZN, kodwa abakufisa kakhulu ngaphezu kwakho konke ukuthola umuntu ozobalekelela ukuthi umculo wabo udlalwe emisakazweni.

Uma ufisa ukuxhumana neMentors KZN ungashayela kule nombolo: 0766657760 noma ubalalele enkundleni yezokuxhumana uFacebook: Man v da virus / Tboc Musicain.