THOBILE MBATHA
Amakhansela e-ACDP eThekwini aholwa nguKhansela Simo Gumede agxile ekusizeni umphakathi waseMalukazi, kuWadi 89 ngosuku lwamalungelo abantu.
Ikhansela likhuluma nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla lithe, izakhamizi zinxuse uMasipala weTheku ukuthi azilalele njengoba abantu bedonsa kanzima ukuhamba noma ukuthola izidingongqangi njengenxanxathela yezitolo namatekisi uma lina izulu.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/03/acdp1.jpg)
Amakhansela e-ACDP eThekwini angenelele ngezinto ezidingekayo, ngaphezu kwalokho, amalungu e-ACDP eThekwini asize ekwakhiweni kabusha komgwaqo oyibhuqu ngoSuku Lwamalungelo Abantu.
Abantu bakuMalukazi Road bagcine sebezitholile zonke izidingo nesithunzi sabo sabuyela ngendlela efanelekile. I-ACDP eThekwini ikholelwa ukuthi izenzo ezifuze lezi zivikela futhi zilondoloze izimpilo zabantu uma kunezimvula ezinamandla.
Ngokubambisana singakha ikusasa elingcono labo bonke abantu. Ngaphansi kwesiqubulo esithi:#vuselela #buyisela #yakha kabusha#VoteACDP. ephetha.