UJordaan uxwayisa amaqembu akwi-PSL angenawo amaqembu abesifazane
Ngonyaka ka-2021, i-CAF yathumela umlayelo ezifundeni zayo ezingu-54 wokuthi amaqembu asekhaya kufanele ethule amaqembu abesifazane njengoba sekuzoba enye yezinto ezidingekayo ukuze amaqembu angenele iChampions League neConfederation Cup. Kodwa-ke, amaqembu ezingxenyeni eziningi zezwekazi, okuhlanganisa neNingizimu Afrika kubukeka sengathi lomthetho awushaya indiva osekudale ukuthi kube nomnqamulajuqu wokwenza lokhu.

