Asihlale siqwashile mayelana namaLungelo ethu singabantu

Njengoba  siphetha lenyanga yamaLungelo Abantu kuzobaluleka ukwazi  ukuthi indaba yamaLungelo Abantu yaqala ukugqama ngemuva kokuthi elakuleli laba ngaphansi kombuso weNtando Yeningi okuyinqophamlando eyenzeka ngesikhathi zonke izakhamuzi zakuleli ngokwehlukana kwazo zithola ilungelo elifanayo lokuthi zikwazi ukuvotela uhulumeni ezikholelwa uyena ngonyaka ka 1994.

Amalungelo abantu eNingizimu Afrika

Amalungelo eSintu aseNingizimu Afrika awumhlahlandlela wokuvikeleka kubuntu bomuntu. Amalungelo ayisipho sokuqala indalo esipha umuntu ekuzalweni kwakhe. ENingizimu Afrika uhlu lwamalungelo abantu luyisizinda somthethosisekelo. Umthethosisekelo iwona mthetho omkhulu ezweni, ngisho uhulumeni akanawo amandla ngaphezu kwawo, yingakho uhulumeni engenalo igunya lokushicilela imithetho engqubuzana namalungelo abantu.

Ukubaluleka kwamalungelo abantu

Amalungelo abantu abululekile ngoba. ENingizimu Afrika mhla zingu-21 kuMashi kwaba wusuku lwaMalungelo eSintu, lapho kusuke kukhunjulwa khona bonke abalahlekelwa izimpilo zabo ngesikhathi bemasha ngonyaka ka-1961. Ngalolu suku kusuke kungakhunjulwa kuphela labo abahlekelwa zimpilo zabo ngonyaka wezi-1961 kodwa kusuke kuqhakambiswa ukubaluleka kokuvikelwa kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika. Akekho noyedwa umuntu ovumelekile ukufiphaza amalungelo omunye umuntu.

Uhlu lwamalungelo

Zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika zinala malungelo alandelayo. Lamalungelo angena ngaphansi kwezigaba ezintathu.

Isigaba sokuqala

Esokuqala sibhekene nokuvikeleka komuntu ngqo. Ngaphansi kwalesi sigaba kubekwa ukuvikela abantu ekubeni isisulu salabo kumbe kwalowo osesikhundleni. Ngaphansi kwalesi sigaba singabala lemithetho elandelayo:

  • Ukulingana: lomthetho uthi akekho umuntu onemvume yokuba acwase noma abandlulule omunye umuntu ngokungemthetho. Uqhubeka uthi akekho ovumelekile ukuphatha abanye abantu ngendlela engabahloniphi  ngenxa yobuzwe, ubulili, iminyaka, isonto, amasiko ukukhubazeka kanye nobulili babo.
  • Isithunzi somuntu: isithunzi somuntu kufanele sihlonishwe futhi sinakekelwe.

Hlonipha amalungelo abanye abantu.

  • Inkululeko nokuvikeleka: Akuvumelekile ukuba umuntu agcinwe ejele ngaphandle kwesizathu esizwakalayo noma ngaphandle kokwahlulelwa. Akuvumelekile ukuba umuntu aphathwe ngesihluku, ngendlela enobulwane noma enokubukela phansi. Umuntu uvumelekile ukuba akhululeke kunoma iyiphi inhlobo yedlakadla noma udlambedlu.
  • Ilungelo lokubeka umbono wakho, ulalelwe.

Isigaba sesibili

Lesi sigaba siqondene nomphakathi kanye nenhlalakahle yawo. Kulesi sigaba kubhekwa amangxathu athathwa nguhulumeni ekucubunguleni, kanye nasekuhlaziyeni izidingongqangi zabantu. Lapha kuphinde kubhekwe wonke amagxathu athathwa umbuso ekuqinisekeni ukuthi wonke umntwana waseNingizimu Afrika unethuba lokuthola imfundo. Kuphinde kubhekwe yonke imizamo engenziwa umbuso ekuqinisekeni ukuthi bonake abadala baqashiwe futhi bayanakekelwa.

Isigaba sesithathu

Lapha kubhekwa ukuvikeleka kwamaqembu athize, okungaba ezenkolo, ezombusazwe, amasiko njalo njalo. Njengoba iNingizimu Afrika iyizwe elinamasiko amaningi kanye nezinkolo eziningi manje kubalulekile ukuthi kube khona ukuhloniphana phakathi kwazo futhi ziphinde zinikezane indawo kanye nesithunzi esifanele.

Noma ziningi izindlela ezibekiwe ukuvikela amalungelo abantu, kodwa nomuntu ngamunye unomsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi ilungelo lakhe alithikamezi amalungelo abanye abantu.

ULWAZI LUCASHUNWE EKHASINI : WIKIPEDIA YESIZULU