SAMUKELISIWE MBONAMBI
IMarumo Gallants eguqiswe ngo 4-1 yi-Al-Akhdar emdlalweni kaGroup A weCAF Confederation Cup ayiphelelwanga ithemba nokuyisize ukuthi ize ifinyelele esigabeni sama Quarter finals
IGallants isendaweni yokuqala eqoqweni layo ngamaphuzu angu-9 emidlalweni emihlanu, inqobe emithathu yahlulwa kwemibili.
Iqembu lihalaliselwe abantu abaningi ngemumva kokuputshuka kwezindaba zokuthi iMarumo ibhekane nezinkinga kade ifika eLibya njengoba ingavunyelwanga ukuthi ingene nemithwalo yayo ngisho ijezi ekade bezoligqoka nokubaphoqile ukuba bathenge ijezi elisha bali brende ngaphambi kokuthi kuqala umdlalo.
Abantu badiniwe bezwakalisa ulaka lwabo ekhasini le Troll Football SA ngaphansi kwendaba.
Babodwa abakhale ngokuthi iCAF kumele kube khona ekwenzayo ngoba akuqali ukwenzeka into enje nePirates yabhekana nento eyafanayo iyodlala eDRC, abanye bathi bekungamele iMarumo ilithenge ijezi bekumele ingadlali ibuye, beqhubeka nokuveza imibono omunye uthe kuyadabukisa ukuthi umuntu onguMengameli weCAF owaseSouth Afrika kulento eyenzekayo kodwa siyazi uMotsepe akukho azokwenza akasiye umuntu othanda ibhola kodwa ungusomabhizinisi kwaphela.