INTATHELI YE-KZN NAMUHLA
NgoLwesihlanu lomhlaka 31 March kuqopheke umlando IMaphumulo FM yethula isiteshi sayo sokusakaza esi Online ngokuxhaswa inhlangano iAL JAMA-AH. Lendumenzulu yomcimbi ibajelwe endaweni yakwaNgoni khona KwaMaphumulo.
Kulomcimbi okuzobe kusina kudedelana kuwo amaCiko asafufusa asendaweni yaKwaMaphumulo KwaZulu-Natali kuzobe kusindwe ngobethole futhi uzohanjelwa ilunga elihloniphekile lasePhalamende uMhlonishwa Ganief Hendricks ehambisana neCEO yayo i AL JAMA-AH Prof Mohamed Haron ngenhloso yokuyisa iPhalamende kubantu aphinde abheke lokho okuyizinkinga zomphakathi bese ekubika ePhalamende.
UMhlonishwa uGanief uthi inhlangano yakhe iAL JAMA-AH izimisele ngokusiza nokuxhasa isiteshi sokusakazela umphakathi IMaphumulo FM, ngoba bayasibona isidingo sokubhekelela umphakathi wasemakhaya ngolwazi kanye nezinye izidingo.
Inhlangano iAL JAMA-AH ikubona kumqoka ukweseka amaCiko ngoba abamba elikhulu iqhaza ngesikhathi sombuso wengcindezelo kuleli. Kanti futhi ayadinga ukwesekwa ukuze aveze amakhono awo endimeni yezomculo.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/03/poster.jpg)