SAMUKELISIWE MBONAMBI
Umncintiswano kuthungathwa ithalente weGospel Icon Discovery (GID) usubuyile. Abaculi bevangeli abasafufusa bayakhuthazwa ukuthi bahambele inhlolokhono eqale kusukela ngomhlaka-26 kuMashi kuya kuMhlaka 23 Ephreli ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwaMaspala weTheku. Kulonyaka kuzobe kungunyaka wesi-10 i-GID yaba khona, kanti iwu mncintiswano okuhloswe ngawo ukuvundulula ithalente labaculi bokholo abasafufusa.
Intsha enekhono engenele lo mncintiswano isethubeni lokuwina imali yomklomelo, idili yokuqopha, kanye nethuba lokufundiswa abaculi asebemnkantshubomvu embonini yomculo wokholo.
Abaculi abasafufusa bangenza ngalendlela ukuya kwinhlolokhono:
- Bester Community Hall- 01 Ephreli
- OThongathi Community Hall- 02 Ephreli
- Magaba Community Hall, Hammarsdale- 15 Ephreli
- UMlazi W Hall- 22 Ephreli
- Theatre Stable- 23Ephreli
Kanti enye inhlolokhono kade ingomhlaka 26Mashi eThusong Centre eMgababa.
Lo mncintiswano ngowabaculi abacula ngabodwana futhi abangenele kufanele babe neminyaka ephakathi kuka-16 no-35. Abazongenela ukhetho bayanxuswa ukuthi baphathe omazisi babo noma izitifiketi zokuzalwa lapho bezohlolwa khona. Ukubhalisa kusuka ngo-7am kuya ku-9am.
Ngeminye imininingwane shayela ku-031 322 7790/1 ngezinsuku zokusebenza noma uvakashele ikhasi likaFacebook likaMasipala weTheku.