Singabantu asizifundise ukuzihlolisisa bese sixolisa uma sonile

Sanibonani sizwe sikaMthaniya.  Angiphinde nginibhalele ngaloludaba olungithinta inhliziyo luyephule , zihlobo kuhle ukuxolisa kumuntu uma ngabe umonile, isikhathi esiphila kuso akasekho onephutha wonke umuntu uzibona esenza okuhle, ngisho nabakhuthazi bomphefumulo abasasifundisi ngokuhlolisisa izinhliziyo zethu, uma ngabe ushiywa ngabantu noma ujikelwa ngabantu uyazithola izeluleko zokuthi ungakhathazeki kuhle bahambe uma bengasadingeki empilweni yakho, kodwa kunzima ukuthola iseluleko esikukhuthaza ngokuthi uzihlolisise mhlawumbe iphutha libe kuwe elenze bakujikela bese uyazilungisa nawe, uma uhletshwa ngabantu kulula ukuthola amazwi azokukhuthaza ukuthi bakuhleba ngoba benomona ngawe ngoba usezingeni eliphezulu kunabo, kodwa kunzima ukuthola amazwi azokukhuthaza ukuthi ubhekisise kungenzeka bakuhleba ngoba kukhona okubi okwenzile kubo. Bantu bakithi masizifundiseni ukuzihlolisisa amaphutha sizilungise futhi sixolise kubantu mangabe sibonile.

Obhalayo ngumfundisi uKatlego Nare