Ukhombise ubuntu evula inkundla yokunikelela umama obembukela esesiteji

THOBILE MBATHA

Owesilisa uVukani Nzama waseMthwalume ohlala eNanda Ebhambayi ukhombise Ubuntu ngoMgqibelo mhlaka 18 Mashi ngesikhathi evula inkundla yokunikelela umama obembukela esesiteji engamazi nokumazi.

OweKZN Namuhla ozibonele uthe, besiseWorkshop sizibukela lomculi ojwayele ukuzihlekisela aphinde agxile ezitshumayelweni ezakhayo, anandise ngezingoma zasemakhaya acule agiye kube mnandi, kwazise ubebuya emcimbini obizwa ngeMbadada Festival obekade eyingxenye yawo.

Kuthe kunganakiwe wabe eseqoka umama thizeni kubabukeli bakhe wamcela ukuthi akeze ngaphambili, nempela weza lomama obebukeka engeneme wambuza “mama uright, ungowakwabani?” waphendula wathi “yebo ngiright ngingowakwa Shoba eFolweni.” Ube esekhombisa ubuntu ngokuthi acele abantu bamnikelele umama ngoba isibusiso ngeke usazi ukuthi sikuphi lokhu ubengakuqali ukukwenza kepha uma besesiteji abaculi sisuke silindele ukuthi kwanabo badinga umnikelo ngoba baphuma bakhokhele isound.