Umphakathi waseJozini ukhala ngesomiso samanzi kulendawo

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Enyakatho ngasogwini lesifundazwe iKwaZulu-Natali ilapho kutholakala indawo iJozini, lendawo ingenye yezindawo ezinama damu amakhulukazi kuleli njengoba ine Pongolapoort Dam kodwa yize izakhamuzi ziseduze naleli damu ziyawahluphekela amanzi ahlanzekile.

Ekhuluma nabezindaba uSelina Mthembu osebe isakhamuzi sakulendawo cishe impilo yakhe yonke uthe iminyaka yakhe yonke engu-87 umele umthwalo wokuhamba amabanga amade uma eyokha amanzi yize lamanzi babuye baphuze kuwo nezinkomo.

“Besikha edamini ubuye nawo ngesigubhu njengoba amandla esengiphelele uma ngithole u-2ltr kulungile uma ephela ngikhathala ngiya khona” kusho ugogo Selina Mthembu

Ugogo Mthembu uthi seke bafakelwa  ompompi kulendawo ngezethembiso zokuthi bazothola amanzi emagcekeni kodwa kompompi akusaphumi lutho.

Kuhlelwe ukulungiswa kweziphehlizamanzi ukudlula lapho kufinyelela khona amapayipi nokufakelwa komphakathi amathangi amasha

UNgqongqoshe wezaManzi  uMnu.Senzo Mchunu uthe lenkinga yamanzi izoxazululeka njengoba bezosebenza ngokubambisana nomasipala wesifunda. Izakhamuzi zakulendawo yize zingazi ukuthi lenkinga yolungiseka nini kodwa zizohlalela ethembeni kanti ezinye izinhlelo ukwenza isiphehlimanzi saseJozini ukuthi siphakele imindeni engu 25 000.