UNgqongqoshe unethemba lokuthi ukucishwa kukagesi kuzoxazululeka

SAMKELISIWE MBONAMBI

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekelele uGesi, uKgosientsho Ramokgopa, uthe unethemba lokuthi izinkinga zezwe zokucinywa kukagesi zizoxazululeka.

Ekhuluma esiteshini samandla kagesi iKusile eMpumalanga ngesikhathi evakashile uthe inhloso yakhe enkulu ukuqeda ukucinywa kukagesi.

“Inkinga yokucishwa kukagesi izoxazululeka ekugcineni ” kusho uRamokgopa.

URamokgopa utshele abaphathi besiteshi sikagesi iKusile ukuthi uhulumeni uzosiza lapho kungenzeka khona ukuqeda ukucishwa kukagesi.

UNgqongqoshe uqale uhambo lwamasonto amabili lokuvakashela eziteshini zikagesi zakwa-Eskom. Inhloso yalokhu ukuzibonela mathupha ukuthi iziteshi zisebenza kanjani nokuthi yiziphi izinkinga noma izinselelo abaphathi abahlangabezana nazo ekusebenzeni kweziteshi zikagesi.

“Nginesiqiniseko sokuthi izophela inkinga kagesi, futhi sizophumela obala ngokuthi sikuphi manje mayelana nokuxazulula inkinga. Ezingxoxweni esinazo no-Eskom kuyacaca ukuthi inkinga yokucishwa kukagesi izolungiseka,” kusho uRamokgopa.

UNgqongqoshe uthe inkinga ayikho enkohlakalweni kodwa  ingasohlangothini lwezobuchwepheshe.

“Izinkinga nezinselelo esinazo lapha yizinkinga zezobuchwepheshe kakhulu, azihlangene nalokhu okuthiwa yinkohlakalo wonke omuntu ocabanga ukuthi iyona nkinga,” usho kanje.

 
Ngesikhathi evakashele eziteshini zikagesi, uRamokgopa uhlangane nabaphathi abaphezulu kanye nabasebenzi wachazelwa mayelana nokusebenza , izinselelo kanye nezinhlelo ezibekiwe zokubhekana nezinselelo. –SAnews.gov.za